Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:46 - IsiZulu 2020

46 sebebonke ababalwayo babeyizi-603 550.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi amahlanu.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:46
24 Referans Kwoze  

Sebebonke abantu bakwa-Israyeli ababalwayo babeyizi-601 730.


Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.


Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.


Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550.


U-Abhiya waphuma ukuyokulwa enempi yamaqhawe anamandla empini, amadoda akhethiweyo ayizi-400 000. UJerobhowamu yena wehla ukuyokulwa naye, enamadoda akhethiweyo ayizi-800 000, angamaqhawe anamandla.


UJowabe wamnika uDavide inani labantu ababebaliwe. Esewonke u-Israyeli wayeyisi-1 100 000 ababengaphuma baye empini, uJuda yena eyizi-470 000.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


UJowabe walethula enkosini inani nomumo wabantu ababebaliwe: kwa-Israyeli kwakunamadoda ayizi-800 000 anamandla ayehlome ngenkemba. KwaJuda kunamadoda ayizi-500 000.


Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”


Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli na? Mangife ukufa kwabaqotho, isiphetho sami masifane nesakhe.”


Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


Ngizokwandisa kakhulu, kuvele kuwe izizwe eziningi ngisho namakhosi imbala.


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Bonke ababalwayo kwabakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,


Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami,


Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite