Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 1:4 - IsiZulu 2020

4 Kuleso naleso sizwana niqoke umuntu abe munye, abe yinhloko yendlu yokhokho bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kuyakuba nawe indoda esizweni; yilowo nalowo inhloko yendlu yawoyise.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 1:4
19 Referans Kwoze  

Yilaba ababizwa enhlanganweni, abaholi bezizwana zokhokho; babeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


UFinehasi wayehambisana nezikhulu ezilishumi, kuyisikhulu ngendlu kayise kuzona zonke izizwana zakwa-Israyeli, kuyileso naleso simele indlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa nowesifazane wakwaMidiyani, kwakunguZimri kaSalu, isikhulu sendlu yabakwaSimeyoni.


USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”


Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:


USolomoni wayeseqoqa amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwana, abaholi boyise babantu bakwa-Israyeli babuthana enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuze bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaSimakade emzini kaDavide iZiyoni.


Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose no-Aroni nabaholi bakwa-Israyeli, bengamadoda ali-12, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kakhokho wayo.


UMose, u-Aroni nabaholi benhlangano, babala abozalo lukaKhohathi ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho babo,


Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite