Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:5 - IsiZulu 2020

5 AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke amaLevi, oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHasabhinja, noSherebja, noHodija, noSebanja, noPhetaja, bathi: “Sukumani nimdumise uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade naphakade, negama lakhe elitusekayo eliphakeme ngaphezu kwazo zonke izibusiso nodumo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:5
36 Referans Kwoze  

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo,


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.


Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana.


Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.


Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.


Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.


Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?


Ngithi kuSimakade: “Wena uyiNkosi yami; akukho buhle kimi ngaphandle kwakho.”


AbaLevi, abozalo lwamaKhohathi nolwamaKhorahi, basukuma badumisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.


Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala ngempela yini emhlabeni na? Ngisho izulu nezulu lamazulu alinakukumumatha; pho ibiyini-ke le ndlu encane engiyakhileyo na?


USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi.


“Uma ungaqapheli ukuwenza wonke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi USIMAKADE UNKULUNKULU WAKHO,


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Yathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide, ubaba, ukufezile lokhu ngesandla sakhe, ethi:


Kwase kuma endaweni ephakeme yabaLevi; uJeshuwa, uBhani, uKadimiyeli, uShabhaniya, uBhuni, uSherebhiya, uBhani noKhenani. Bamemeza ngezwi elikhulu kuSimakade uNkulunkulu wabo.


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


Kepha ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, na? Liyisimangaliso!”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uSimakade.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite