Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:36 - IsiZulu 2020

36 “Awubheke nje, siyizigqila namuhla, izigqila ezweni owalinika okhokho bethu ukuze badle izithelo zalo, nokunye okuhle elikukhiqizayo. Bheka-ke, sesiyizigqila manje.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nokuhle kwalo, bheka, siyizinceku kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nobuhle balo, bheka, siyizinceku kulo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:36
5 Referans Kwoze  

Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Nokho bazokuba yizinceku zakhe ukuze bazi umsebenzi wami nomsebenzi wemibuso yezizwe.”


Abasixoshayo basihleli entanyeni, sikhathele, asikutholi ukuphumula.


Amanzi ethu siwaphuza ngemali, izinkuni zethu sesizithola ngokuzithenga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite