Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:34 - IsiZulu 2020

34 Amakhosi ethu, abaholi bethu, abaphristi nokhokho abawugcinanga umthetho wakho; abayinakanga imiyalelo yakho nalapho ubaxwayisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho, kabalalelanga imiyalo yakho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba, abawugcinanga umthetho wakho, abalalelanga imiyalo yakho nobufakazi bakho owafakaza ngabo kubo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:34
13 Referans Kwoze  

ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” kusho uSimakade, “engawathumela kubo ngezinceku zami, abaphrofethi, ngibathumela ngingaphezi; kodwa kanilalelanga,” kusho uSimakade.


Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”


Wababekezelela iminyaka eminingi, wabexwayisa ngoMoya wakho, wakhuluma ngabaphrofethi bakho, kodwa abakugqizanga qakala lokho, ngakho-ke wabanikela kubantu abakhelene nabo.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.


Ngisho embusweni wabo, ebuhleni obukhulu obenzele bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo obanike lona, abazange bakukhonze, abaphendukanga emisebenzini yabo emibi.


Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


Obaba baphambukile, benza okubi phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, bamshiya, bayifulathela indlu kaSimakade, bamhlubuka.


“Kepha manje, Nkulunkulu wethu, sesizothini ngalokhu na? Phela siyilahlile imithetho yakho


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’


asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite