Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:33 - IsiZulu 2020

33 Nokho bewufanele ukusehlisela zonke lezo zinto; wenze okulungileyo, thina senza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo, ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Kodwa wena ulungile kukho konke okusehlela phezu kwethu; ngoba wena wenze okulungileyo, kodwa thina senze okubi.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:33
16 Referans Kwoze  

Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele.


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho.


Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.


Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, Wena ulungile, kodwa thina usiphunyukisile, sasala sayinsali njengoba kunje namuhla. Siphambi kwakho necala lethu, nakuba kungekho namunye ongama phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Amakhosi ethu, abaholi bethu, abaphristi nokhokho abawugcinanga umthetho wakho; abayinakanga imiyalelo yakho nalapho ubaxwayisa.


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Maye! Laba bantu benze isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.


Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.”


Niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezehlulelo zami anizigcinanga, kodwa nenze njengezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite