Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:31 - IsiZulu 2020

31 Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kodwa ngenxa yomusa wakho omkhulu awuzange ubabhubhise futhi awubashiyanga; ngoba wena unguNkulunkulu olesihawu lesihawu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:31
15 Referans Kwoze  

Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Izwe lonke liyakuba yincithakalo, kepha angiyukuliqeda liphele nya.


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


“Kepha nangalezo zinsuku,” kusho uSimakade, “angiyukuniqeda nya.


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilibhubhise, nokho ningaqothi imbokodo nesisekelo kulo; susani amagatsha alo, ngokuba akusiwo akaNkulunkulu.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile,


Uma nibuyela kuSimakade, abafowenu nabantwana benu bayofumana umusa kwababathumbayo babuyele kuleli lizwe, ngoba uSimakade uNkulunkulu wenu ulungile, unomusa; akayukunifulathela, uma nibuyela kuye.”


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.


“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.


Ngenxa yeGama lami, ngiyoyilibazisa intukuthelo yami; nangenxa yodumo lwami, ngizakuyibambela wena, ukuze ngingakunqumi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite