Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:28 - IsiZulu 2020

28 “Kepha kuthe sebehleli ngokuthula, babuye benza okubi emehlweni akho. Wawusubayekela ezitheni zabo ukuze zibabuse. Kwathi lapho sebekunxusa, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho wabakhulula futhi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Kepha sebephumulile, babuye benza okubi ebusweni bakho; wawusubashiya esandleni sezitha zabo, zaze zabusa phezu kwabo; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kodwa sebephumule, baphinda benza okubi phambi kwakho; ngalokho ubashiye esandleni sezitha zabo ukuba zibuse phezu kwabo; wabahlenga kaningi ngokobubele bakho;

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:28
12 Referans Kwoze  

“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


mawuzwe Wena usezulwini, indawo yakho ohlala kuyo, uyakuthethelela, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, ngokuba nguwe wedwa owazi okusenhliziyweni yalowo nalowo muntu,


Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite