Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 9:15 - IsiZulu 2020

15 Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 9:15
23 Referans Kwoze  

Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.


USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.


Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe,


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma.


Niyabona-ke, uSimakade uNkulunkulu wenu uninikile izwe eliphambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokhu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho benu ayenitshelile. Ningesabi, ningapheli amandla.’


abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni.


Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


Abantu bomela amanzi lapho; bakhononda kuMose, bathi: “Wasikhuphulelani eGibhithe ukuba usibulalise ngokoma thina nabantwana bethu nemfuyo yethu na?”


Kabazange bome lapho ebahola ezindaweni ezigagadekile; wenza ukuba amanzi agobhozele edwaleni; waqhekeza idwala, amanzi ampompoza.


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite