Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:3 - IsiZulu 2020

3 Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayifunda phambi kwesitaladi esiphambi kweSango Lamanzi kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuqonda; izindlebe zabo bonke abantu zalalela incwadi yomthetho.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:3
25 Referans Kwoze  

“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.


Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.


Laba babengcono kunabaseThesalonika, ngokuba balemukela izwi ngenhliziyo yonke, behlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula.


Ngokuba kusukela ezizukulwaneni zasendulo, kuyo yonke imizi, bakhona abashumayela ngoMose, ngokuba kuyafundwa masabatha wonke, kuwo wonke amasinagoge.”


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga Yena, namazwi abaphrofethi afundwa masabatha wonke, kodwa bawafeza ngokumlahla.


Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”


Kepha babengazi ukuthi bazokwenza kanjani, ngokuba bonke abantu babenamathele kuye, bemlalele.


Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.”


“UDavide luqobo umbiza ngokuthi yiNkosi. Pho-ke uyindodana yakhe kanjani na?” Isixuku esikhulu sasimlalele ngokujabula.


Esenyukele phezulu, wahlephula isinkwa, wadla, ngokuba wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesehamba.


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa.


Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.


U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.


U-Ezra wema phezu kobamba, wayivula incwadi phambi kwabo bonke abantu bembuka, ngoba wayemi ngenhla kwabo. Kwathi lapho eyivula, bonke basukuma.


UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.


Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni.


bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite