Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 8:1 - IsiZulu 2020

1 Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose uJehova ayala ngayo u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 8:1
25 Referans Kwoze  

lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.


UHilikiya wathatha wathi kuShafani, umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaSimakade.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.


Leli yifuzela lencwadi inkosi u-Arithahishasitha alinika u-Ezra, umphristi, umbhali, owayengumbhali wemithetho nezimiso zikaSimakade ku-Israyeli, ethi:


Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yileso naleso sazimthetho esifundiselwe umbuso wezulu, sifana nomuntu, umnumzane okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga.


Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi.


Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Sonke asiyukuphindela emathendeni ethu, akekho namunye ozakubuyela endlini yakhe.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


Inkosi yakhuphukela endlini kaSimakade nabo bonke abantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, abaphristi, abaLevi, nabantu bonke, abadala nabancane, wafunda belalele ngezindlebe zabo wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakale endlini kaSimakade.


ngokuba inhliziyo ka-Ezra yayigxile ekufundeni umthetho kaSimakade, nokuwenza, nokufundisa izimiso nemithetho kwa-Israyeli.


Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


lapho wonke u-Israyeli eze ukubonakala phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho endaweni Yena ayoyikhetha, uyofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke elalele.


Inkosi yenyukela endlini kaSimakade, bonke abantu bakwaJuda, nababakhe eJerusalema bekanye nayo, nabaphristi nabaphrofethi, yebo, bonke abantu, abancane nabadala, yafunda wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakele endlini kaSimakade, bonke abantu bezwa.


Emveni kwalokho, ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha ePheresiya, u-Ezra, indodana kaSeraya, ka-Azariya kaHilikiya,


Labo babekhona ezinsukwini zikaJoyakimi, indodana kaJeshuwa, kaJozadaki, nasezinsukwini zikaNehemiya umbusi, nomphristi u-Ezra, umbhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite