Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:70 - IsiZulu 2020

70 Ezinye zezinhloko zemindeni zanikela esikhwameni sokwenza umsebenzi. Umbusi wanikela esikhwameni ngamadarike egolide ayinkulungwane, imicengezi engama-50, nezingubo zokugqoka zabaphristi ezingama-530.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

70 Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

70 Abanye bezinhloko zawoyise banikela emsebenzini. Umbusi wanikela endaweni yengcebo amadarike egolide ayinkulungwane, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:70
15 Referans Kwoze  

Abantu lapho bezwa amazwi omthetho, balila kodwa uNehemiya umbusi, no-Ezra umphristi nombhali, nabaLevi ababefundisa abantu bathi kubo: “Ningakhali, ningalili, ngokuba lolu lusuku lungcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu.”


Induna yabalindi yathatha izindebe, imicengezi yomlilo, izitsha, amabhodwe, izinti zezibani, izinkezo, izinkamba, okwakwenziwe ngegolide elicwengekileyo nesiliva elicwengekileyo.


Abashaya isigxivizo kwaba yilaba: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, uZedekiya,


Ngakho-ke umbusi wabayala ukuba bangakudli ukudla okubusisiweyo, kuze kube nomphristi one-Urimi neThumimi.


UHuramu wenza amabhodwe, amafosholo, nezitsha. UHuramu wawuqeda umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:


Wenza amatafula alishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene, nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha zegolide eziyikhulu.


Izingwegwe zenyama, izinkamba, izitsha zegolide elicwengekileyo, zonke izindebe zegolide, isisindo saleso naleso sitsha.


amabhodwe, amafosholo, nezitsha. Zonke lezi zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade, zazenziwe ngethusi elicwebezelisiweyo.


UMose wathatha ingxenye yegazi walithela ezitsheni, kwathi enye wafafaza ngayo i-althare.


Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa.


amakameli angama-435 nezimbongolo eziyizi-6 720.


Ezinye izinhloko zemindeni zanikela esikhwameni somsebenzi ngamadarike egolide ayizi-20 000 nawomina besiliva abayizi-2 200.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite