Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 7:5 - IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wangenza ngaba nevuso enhliziyweni yami, ngase ngimemela abantu embizweni yeziphathimandla nezikhulu nabantu, ukuba bazobhalisa ngokwemindeni yabo. Ngathola umlando wolibo lwalabo ababebuye kuqala. Nakhu engakutholayo:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi:

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 7:5
15 Referans Kwoze  

Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa.


engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeke enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


kungesikho ukuthi kukhona thina esingakukhomba sithi kuvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Labo ababefuna imininingwane yemindeni yabo, kodwa abayitholanga, ngakho-ke abafakwanga ohleni lwabaphristi, bathathwa ngokuthi kabahlanzekile.


“Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.”


Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Laba bazifuna ohleni lwabaphristi olubhaliwe, kepha abafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebuphristini, kwathiwa bangcolile.


IJerusalema lalingumuzi omkhulu, linendawo ebanzi, kodwa zaziyingcosana kakhulu izakhamuzi ezazihlala kulo; yayingeminingi imizi eyayakhiwe kabusha.


Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite