Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:8 - IsiZulu 2020

8 Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Lokho okushoyo akusilona iqiniso; nguwena nje ozakhele lezo zinto.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngase ngithumela kuye, ngathi: “Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngasengithumela kuye ukuthi: Akwenziwanga izinto ezinjengalezo ozitshoyo, kodwa uziveze enhliziyweni yakho.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:8
12 Referans Kwoze  

Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,


Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu.


UPawula wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaKhesari, lapho kumele ngehlulelwe khona. Akukho okubi engikwenze kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.


Esefikile, abaJuda ababehle bevela eJerusalema bema bemngungile, bambeka uxhaxha lwamacala anzima abangenabufakazi bawo.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyukuphumelela, ngokuba ukuphela kusazokuba sesikhathini esimisiweyo.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


Usuqoke abaphrofethi eJerusalema abazommezela ngawe, bathi: ‘Kunenkosi kwaJuda!’ Lawo mahlebezi angahle afinyelele enkosini, ngakho-ke woza sizohlangana, sikhulume.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite