Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:3 - IsiZulu 2020

3 Ngathumela izigijimi kubo, ngathi: “Ngimatasatasa ngomsebenzi omkhulu, ngeke ngehle ngize lapho kini. Ngizowuyekelani umsebenzi engiwenzayo, ngehle ngize lapho kini na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngathuma izithunywa kubo, ngathi: “Ngisebenza umsebenzi omkhulu, anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngase ngithuma izithunywa kubo ukuthi: Ngenza umsebenzi omkhulu, kanginakwehla; umsebenzi ungayekiswani, uma ngiwushiya, ngehlela kini na?

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:3
9 Referans Kwoze  

Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’


Ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


uSanibhalathi noGeshemi bangithumelela umyalezo othi: “Woza sihlale phansi sidingide lolu daba komunye wemizana esethafeni e-Ono.” Kepha babehlose ukungenza isilo sengubo.


Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.


Ngase ngimisa abantu ngokwemindeni yabo, ngezansi ezindaweni ezisemuva kogange nakwezisobala, benezinkemba, imikhonto neminsalo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite