Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:15 - IsiZulu 2020

15 Umsebenzi wokwakhiwa kabusha kogange waphela mhla zingama-25 ngenyanga u-Eluli, wathatha izinsuku ezingama-52.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ugange lwaphela ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ugange lwaqedwa ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:15
7 Referans Kwoze  

“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Zaqeda ukukwakha indlu ngosuku lwesithathu lwenyanga u-Adari, ngonyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.


Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi,


Izikhulu zakwaJuda zaqhubeka ngempumelelo ukwakha indlu, zigqugquzelwa ngukuphrofetha kukaHagayi noZekhariya, indodana ka-Ido. Zaqeda njengalokho zaziyalwe nguNkulunkulu wakwa-Israyeli ngomthetho owashaywa nguKhoresi, uDariyu, nenkosi u-Arithahishashitha, basePheresiya.


USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite