Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:13 - IsiZulu 2020

13 Babemqashe ngenhloso yokungesabisa ukuze ngenze isono ngokwenza kanjalo, bangigxibhe, bangithele ngehlazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kungakho wayeqashiwe, ukuze ngesabe, ngenze njalo, ngone, babe necala elibi, bangihlebe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:13
24 Referans Kwoze  

Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”


Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.


Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala inetha ezinyaweni zakhe.


Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kunamahlebezi ezizweni athi wena nabaJuda niceba ukuvukela inkosi, yingakho wakha kabusha ugange nje; ngokwalowo mbiko wena uzoba yinkosi yabo, noGashimu uyawafakazela lawo mahlebezi.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho.


Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho,


Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale.


AbaFarisi basuka lapho, babonisana ukuba bamhile ngezwi.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


“Ngalokho-ke wena, bopha ukhalo lwakho, usuke uyokhuluma kubo konke engiyakukuyala ngakho. Ungapheli amandla ngenxa yabo, funa ngikuqede amandla phambi kwabo.


“Ngubani owawunovalo ngaye, futhi umesaba, waze waqamba amanga; awungikhumbulanga, futhi awukufakanga enhliziyweni yakho na? Angithulanga yini kwaze kweqa, okukwenze awaba nakungesaba na?


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.


Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa, kunesiliva negolide.


Ngabona ukuthi wayengathunywanga nguNkulunkulu, kodwa wayeqashwe nguThobiya noSanibhalathi ukuba asho leso siphrofetho ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite