Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 6:12 - IsiZulu 2020

12 Ngabona ukuthi wayengathunywanga nguNkulunkulu, kodwa wayeqashwe nguThobiya noSanibhalathi ukuba asho leso siphrofetho ngami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile, kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi bheka, ngabona ukuthi uNkulunkulu wayengamthumanga; kodwa ukuthi ukhulume lesi siprofetho ngami, ngokuba uThobiya noSanibhalati bamqashile.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 6:12
20 Referans Kwoze  

Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.


isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.


futhi ngenxa yobugovu babo, bayakunihlukumeza ngamazwi obuqili. Ukulahlwa kwabo okwamenyezelwa kusukela emandulo akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.


Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi.


ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali,


omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.


Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa.


Angifisanga siliva, nagolide, nangubo yamuntu.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


Anibonanga yini umbono oyize, nabhula okungamanga, lapho nithi: “Kusho uSimakade,” ngibe Mina ngingazange ngikhulume na?


Umphrofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya, umphrofethi: “Ake ulalele, Hananiya, uSimakade akakuthumanga, kodwa wena usuwenze laba bantu bethembela emangeni.


“Ngizwile ukuthi bathini abaphrofethi abaphrofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaphrofethi abaphrofetha kini; bayanikhohlisa, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, hhayi okuphuma emlonyeni kaSimakade.


USimakade wayesethi kimi: “Abaphrofethi baphrofetha amanga egameni lami. Angibathumanga, angibamisanga futhi angikhulumanga kubo. Baphrofetha kini imibono engamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yezingqondo zabo.


Yebo, bayizinja ezihahayo, abesuthi; abelusi nabo bonke ngothi lwabo abanakuqonda, baphendukele bonke ezindleleni zabo; yilowo nalowo enzuzweni yakhe.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.”


Babemqashe ngenhloso yokungesabisa ukuze ngenze isono ngokwenza kanjalo, bangigxibhe, bangithele ngehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite