Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:7 - IsiZulu 2020

7 Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngase ngiceba phakathi kwami, ngabasola abakhulu nababusi, ngathi kubo: Nibiza inzalo, kube yilowo nalowo kumfowabo. Futhi ngabamisela ibandla elikhulu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:7
25 Referans Kwoze  

Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Khuluma ngalokho, ugqugquzele, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabi bikho namunye okwedelelayo.


Labo abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


Kepha lapho uKhefase efika e-Antiyokhe, ngamelana naye ubuso nobuso, lokhu wayenecala.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ukusola okusobala kungcono kunothando olufihliweyo.


Inhliziyo yami ithi uthe: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Simakade, ngiyabufuna.”


Simakade, ngubani oyakuhlala ethendeni lakho na? Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na?


Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule. Sela


Umtshelekisi makakubambe konke anakho, abafokazi baphange izithelo zomsebenzi wakhe.


ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite