Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:18 - IsiZulu 2020

18 Ngalolo nalolo suku kwakuhlatshwa inkabi nezimvu zekhethelo eziyisithupha, ngilungiselwe nezinkukhu. Kwakukhishwa iwayini eliningi, kanye ezinsukwini eziyishumi. Ngangazi ukuthi abantu bathwele umthwalo onzima kangakanani, ngakho-ke angizange ngisifune isabelo sombusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Futhi okwakulungiselelwa mina imihla ngemihla kwakuyinkomo eyodwa nezimvu eziyisithupha ezikhethiweyo; kwalungiselelwa mina nezinyoni, kwaqoqwa kanye ngezinsuku eziyishumi zonke izinhlobo zewayini; nokho angisibizanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babunzima phezu kwalaba bantu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:18
6 Referans Kwoze  

Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso.


Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana.


Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu,


“Wena uyazi ukuthi uDavide, ubaba, akakwazanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wakhe indlu, ngenxa yezimpi ezazimzungezile; uSimakade waze wabeka izitha phansi kwamathe ezinyawo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite