Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:15 - IsiZulu 2020

15 Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa ababusi bangaphambili ababengaphambi kwami bahlambalaza abantu, bathatha kubo isinkwa newayini, ngaphandle kwamashekeli angamashumi amane esiliva; yebo, ngisho nezinceku zabo zibusa phezu kwabantu; kepha angikwenzanga lokho ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:15
19 Referans Kwoze  

Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Ngomusa neqiniso isiphambeko siyathethelelwa, ngokwesaba uSimakade ububi buyadeda.


Nalapho nginani ngeswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakhedoniya bakuqeda ukweswela kwami. Ezintweni zonke ngaqinisela ukuba ngingabi ngumthwalo kini, namanje ngisazokuzilinda.


Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?


Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.


Ngokuba yikuphi eningenzelwanga khona kunamanye amabandla, uma kungeyisikho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni-ke lelo cala.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.


USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.


Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.


Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.


U-Abhrahama waziphendulela wathi: “Kufike kimi umcabango wokuthi uNkulunkulu akesatshwa kule ndawo, ngizobulawa ngifele umkami.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


Ngasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wami wokwakha kabusha ugange, angizange ngizithengele nsimu. Zonke izinceku zami zazimatasatasa ekwakhiweni kabusha kogange.


Ngayithenga-ke insimu ese-Anathothi kuHanameli, indodana yomfowabo kababa, ngamkalela isiliva, kwaba ngamashekeli esiliva ali-17.


Sesibuswa yizigqila; akekho ongasikhulula esandleni sazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite