Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:14 - IsiZulu 2020

14 Kusukela ngosuku inkosi u-Arithahishashitha eyangibeka ngalo ngaba ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, ngonyaka wama-20 wokubusa kwayo, kuze kube ngunyaka wama-32, okuyiminyaka eli-12 isiyonke, mina nabafowethu asidlanga sabelo sombusi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngaphezu kwalokho, kusukela esikhathini engamiswa ngaso ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kusukela ngomnyaka wamashumi amabili kwaze kwaba ngumnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nambili, mina nabafowethu asizange sisidle isinkwa sombusi.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:14
9 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngonyaka wama-32 wokubusa kuka-Arithahishashitha, ngabuyela kuye ngayombikela ngokwakwenzekile. Emuva kwesikhathi ngacela imvume enkosini,


Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo.


Pho uyini-ke umvuzo wami na? Ungukuthi uma ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli lingabizi lutho ukuze ngingalisebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.


Nanka amazwi kaNehemiya, indodana kaHakaliya. Ngenyanga uKhisilevi, ngonyaka wama-20, ngiseShushani inhlokomuzi,


Esehambile, inceku eyayinikwe amathalenta ayisihlanu ayipholisanga maseko; yasebenza ngawo, yazuza amanye ayisihlanu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite