Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:12 - IsiZulu 2020

12 Baphendula bathi: “Sizobabuyisela konke, futhi singafuni lutho kubo. Sizokwenza njengoba ushilo.” Ngase ngibiza abaphristi, ngabafungisa ukuba benze njengoba bethembisile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.” Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Base bethi: “Sizowabuyisela, singabafuni lutho; ngakho sizokwenza njengokusho kwakho. Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze ngokwalesi sithembiso.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:12
15 Referans Kwoze  

U-Ezra wasukuma, wafungisa abaholi babaphristi, abaLevi no-Israyeli wonkana ukuthi bayokwenza njengoba eshilo. Bafunga-ke.


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


Kepha uJesu wathula du. Umphristi omkhulu wayesethi kuye: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka.


bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


Inhlangano yonke yaphendula ngezwi elikhulu, yathi: “Siyavuma! Kufanele senze njengoba usho!


Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”


“Asiyukubaganisela abezizwe amadodakazi ethu, futhi ngeke siwathathele amadodana ethu abafazi kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite