Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 5:1 - IsiZulu 2020

1 Kwaba khona ukukhala kwabantu okukhulu, amadoda nomkabo bekhononda ngabafowabo abangabaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nabafazi babo ngabafowabo, amaJuda.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 5:1
15 Referans Kwoze  

Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’


UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na?


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Mina-ke, abafowethu, izinceku zami namadoda ayengabaqaphi ayengilandela, asizange sizikhumule izimpahla zethu; yilowo nalowo wayephethe isikhali ngesandla sakhe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngesikhathi inkosi uZedekiya seyenze isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukuba kwenziwe isimemezelo sokukhululwa.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Sekwanele we zikhulu, zikhulu zakwa-Israyeli! Yekani ukucindezela abantu ngobudlova; nehlulele ngobulungiswa nobuqotho, nikuyeke ukuxosha abantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite