Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 4:7 - IsiZulu 2020

7 Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha kwathi oSanibalati, noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa kwathi lapho uSanibhalati noThobiya nama-Arabhu nabantwana bakwa-Amoni nabase-Ashidodi bezwa ukuthi izindonga zaseJerusalema zazakhiwe nokuthi imifantu isiqalile ukuvalwa, bathukuthela kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 4:7
29 Referans Kwoze  

Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.


Kuthe sebekuzwile lokho bathukuthela, bafuna ukubabulala.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


nabo bonke abantu bezinye izizwe, wonke amakhosi ase-Uzi, wonke amakhosi asezweni lamaFilisti, e-Ashikeloni, eGaza, e-Ekhroni nensali ese-Ashidodi


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


“Makwazeke enkosini ukuthi siyile esifundazweni kwaJuda, endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, kwafakwa namapulangwe ezindongeni. Lowo msebenzi uqhubeka ngesineke, bayaphumelela ukuwenza.


Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.


USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi.


UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.”


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”


Saqhubeka nokwakha, saphumelela ukulwakha kabusha ugange lwaze lwaphakathi nendawo ubude, ngoba abantu babenomdlandla wokusebenza.


base bakha uzungu lokuza kanyekanye bazolwa nalo iJerusalema, badale inxushunxushu.


Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.


U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite