Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 4:3 - IsiZulu 2020

3 UThobiya, umAmoni, wema eduze kwakhe wakloloda, wathi: “Ngisho bengazakha kabusha lezi zingange, uma kukhwela impungushe phezu kwazo ziyomane ziziwele!”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: “Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UThobiya umAmoni wayenaye, wathi: “Nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakuludiliza ugange lwabo lwamatshe.”

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 4:3
8 Referans Kwoze  

Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


“ ‘Ngakho-ke ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, mangikunike amahhashi ayizi-2 000, uma ungabeka abagibeli kuwo.


Wathi: “Uma bephumele ukuthula, babambeni bephila, noma bephumele ukulwa, babambeni bephila.”


UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”


Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo, sekuzulazula amanketshane.


Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite