Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 4:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kodwa lapho uSanibhalati ezwa ukuthi sasilwakhile ugange, wathukuthela, wathukuthela kakhulu, wawahleka usulu abaJuda.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 4:1
13 Referans Kwoze  

abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.


Umsebenzi wokwakhiwa kabusha kogange waphela mhla zingama-25 ngenyanga u-Eluli, wathatha izinsuku ezingama-52.


Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite