Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:3 - IsiZulu 2020

3 ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa iSango Lezinhlanzi lakhiwa amadodana kaHasenaha, futhi babeka imishayo yalo, bamisa izicabha zalo, izihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:3
11 Referans Kwoze  

nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.


Emveni kwalokho wakha ugange olwalungaphandle komuzi kaDavide entshonalanga yeGihoni, esigodini kwaze kwaba sekungeneni esangweni Lezinhlanzi. I-Ofeli walibiyela waliphakamisa kakhulu, wabeka izinduna zempi ezinamandla kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona ukukhala kalusizi, kuvela eSangweni Lezinhlanzi, nokulila, kuvela eNgxenyeni Yesibili, nokuphihlika okukhulu, kuvela emagqumeni.


Ngacela nencwadi eya ku-Asafa, umqaphi wehlathi lenkosi, eyayimyala ukuba anginike izingodo zokwakha imishayo yamasango enqaba yethempeli, izingange zomuzi nezendlu engangizohlala kuyo.” Inkosi yanginika konke engakucelayo, ngokuba isandla esihle sikaNkulunkulu sasinami.


Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi,


Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,


ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.


Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana.


ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.


abozalo lwaseSenawa babeyizi-3 630.


awaseSenaya eyizi-3 930.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite