Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:25 - IsiZulu 2020

25 UPhalali, indodana ka-Uzayi, wakha ingxenye elandelayo, kusukela ejikeni logange nombhoshongo wesigodlo esasingenhla eduze negceke labaqaphi. Emva kwakhe, uPhedayi, indodana kaPharoshi

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UPhalali indodana ka-Usayi, malungana negumbi logange nombhoshongo ophuma endlini ephakeme yenkosi, egcekeni letilongo. Ngemva kwakhe uPhedaya indodana kaPharosi.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:25
12 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda.


UZedekiya, inkosi, wayeseyala ukuba uJeremiya bambeke egcekeni labalindi, bamnika nsuku zonke iqebelengwane lesinkwa elivela emgwaqweni wababhakizinkwa, kwaze kwaphela sonke isinkwa emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni labalindi.


Izwi likaSimakade labuye lafika ngokwesibili kuJeremiya esavalelwe ejele elisegcekeni labalindi, lathi:


nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.


abozalo lukaPharoshi babeyizi-2 172,


AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.


othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulu enamakamelo abanzi aphezulu,’ azibhobozele amafasitela, bese eyimboza ngemisedari, ihuqwe ngokubomvu!


U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.


abozalo lukaPharoshi bayizi-2 172,


Base bemdonsa ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni labalindi.


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite