Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:15 - IsiZulu 2020

15 ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:15
19 Referans Kwoze  

wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona.


“Ngenxa yokuthi laba bantu bawenqaba amanzi aseShilowa ageleza buthule, bathokozela uRezini nendodana kaRemaliya,


NgaseSangweni Lomthombo, phambi kwabo, bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide, ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi, empumalanga.


Nalabo abali-18 okwawela kubo umbhoshongo eSilowama, wababulala, nisho ukuthi babeyizoni ukwedlula bonke abantu ababehlala eJerusalema na?


Ngaqhubekela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kodwa kwakungasekho ndlela yokuba isilwane engangigibele kuso siqhubeke.


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


ISango Lomquba lakhiwa kabusha nguMalikhija, indodana kaRekhabhi, umbusi wesifunda eBhethi Hakhiheremi. Wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe.


UHezekiya wavimba umthombo ongenhla wamanzi eGihoni, wawaqondisa entshonalanga yomuzi kaDavide. UHezekiya waphumelela kuyo yonke imisebenzi yakhe ayeyenza.


Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba.


Abozalo lukaBhenjamini bezwa ukuthi abantu bakwa-Israyeli bakhuphukele eMizpha. Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Sitshele, lobu bubi benzeke kanjani, na?”


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”


Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha.


Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla.


UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite