Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 3:1 - IsiZulu 2020

1 Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwase kusukuma u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, bakha iSango Lezimvu; balingcwelisa, bamisa izivalo zalo; kwaze kwaba seMbhoshongweni waseMeya bawungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni kaHananeli.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 3:1
19 Referans Kwoze  

nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.


Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Abakhandigolide, nabahwebi bakha ingxenye yokugcina, kusukela endlini esejikeni kuze kuyofika eSangweni Lezimvu.


Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.


Abaphristi nabaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, amasango nogange.


Kwathi sekuphelile ukwakhiwa kogange lomuzi, kwafakwa namasango, kwamiswa abalindisango, abaculi nabaLevi,


Kwathi ukuba bezwe oSanibhalathi, uThobiya, uGeshemi umArabhu, nazo zonke izitha zethu ukuthi sengilwakhile ugange, futhi akusasele sikhala kulo, noma-ke ngaleso sikhathi ngangingakazifaki izicabha emasangweni,


Ingxenye elandelayo kuze kuyofika esangweni lendlu yomphristi omkhulu, u-Eliyashibhi, yakhiwa nguBharukhi, indodana kaZabhayi.


“Izinduna ziyothi kubantu: ‘Iyiphi indoda eyakhe indlu entsha engakayivuli, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isale iyivula.


UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada;


Hambani nizungeze iZiyoni, nihambe kuyo yonke indawo, nibale imibhoshongo yalo.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Ingxenye elandelayo kuze kuyofika ekugcineni kwendlu ka-Eliyashibhi yakhiwa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, indodana kaHakozi.


Ngaphambi kwalokho, u-Eliyashibhi, umphristi owayengamele amagumbi endlu kaNkulunkulu wethu, eyisihlobo sikaThobiya,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite