Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:7 - IsiZulu 2020

7 Ngathi enkosini: “Uma kwemukelekile enkosini, manginikwe izincwadi engiyozethula kubabusi besifundazwe esisentshonalanga yomfula iYufrathe, ukuze banginike imvume yokudabula ngaphandle kwezihibe, ngize ngifike kwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ithanda, kabanikelwe ababusi abangaphetsheya kweYufrathe izincwadi zami, ukuze bangisuse ngize ngifike kwaJuda;

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:7
6 Referans Kwoze  

“Mina Arithashashitha, inkosi, ngiyala bonke abagcinimafa abasesifundanzweni entshonalanga yeYufrathe ukuba noma yini ayoyifuna kini u-Ezra, umphristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wasezulwini, yenziwe ngokucophelela okukhulu,


Inkosi yathumela izikhulu zempi nabagibele amahhashi ukuba bangiphelekezele. Ngafinyelela kubabusi besifundazwe esiseNtshonalanga yeYufrathe, ngabanika izincwadi ezazibhalwe yinkosi.


Bayethula kubabusi nezikhulu zesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe incwadi ababeyinikwe yinkosi, nabo beseka abantu nendlu kaNkulunkulu.


“Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho;


Nganginamahloni ukucela enkosini iviyo lamabutho, nagibele amahhashi, ukuze asivikele ezitheni endleleni, njengokuba sasiyitshelile inkosi ukuthi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siyabavikela abamfunayo, kodwa amandla akhe nentukuthelo yakhe kumelana nabo bonke abamhlubukayo.”


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite