Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:5 - IsiZulu 2020

5 Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ibona kufanele, njalo uba inceku yakho ithole umusa emehlweni akho, ngithume kwaJuda, emzini wamangcwaba awobaba, ukuze ngiwakhe.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:5
12 Referans Kwoze  

“Manje uma kukuhle enkosini, vuma ukuba kuphenywe endlini yemiqulu yemilando yasebukhosini baseBhabhele ukuze kubonakale ukuthi ngempela inkosi uKhoresi yayiwushayile yini umthetho wokuthi akwakhiwe kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema. Inkosi mayisazise ukuthi ihlose ukuba kwenziweni ngalolu daba.”


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo.


uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”


UJowabe wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wayithopha inkosi, wayesethi: “Namuhla inceku yakho iyazi ukuthi ifumene umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi, lokhu inkosi ilenzile izwi lenceku yayo.”


URuthi wayesethi: “Ungiphathe kahle mnumzane, wangiduduza ngokukhuluma kahle nami, nakuba ngingeyena omunye wezincekukazi zakho.”


Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namathuna acakiweyo, abonakala emahle ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!


Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite