Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:19 - IsiZulu 2020

19 Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha lapho oSanibhalati umHoroni, noThobiya inceku, umAmoni, noGeshemu umArabhi, bezwa lokho, basihleka, basidelela, bathi: “Kuyini lokhu enikwenzayo na?” nizohlubuka enkosini na?

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:19
22 Referans Kwoze  

Kwakulotshwe kuyo ukuthi: “Kunamahlebezi ezizweni athi wena nabaJuda niceba ukuvukela inkosi, yingakho wakha kabusha ugange nje; ngokwalowo mbiko wena uzoba yinkosi yabo, noGashimu uyawafakazela lawo mahlebezi.


Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona.


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


“Le ndoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha,


Ngenxa yalokhu, uPilatu wayefuna ukumkhulula, kodwa abaJuda bamemeza, bathi: “Uma umkhulula lo muntu, awusiye umngani kaKhesari. Noma ngubani ozenza inkosi, umelene noKhesari.”


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”


Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.


Usenze into omakhelwane bethu ababangisana ngayo, izitha zethu zisihleka usulu.


Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.


“Manje sengihlekwa ngabancane kunami ngeminyaka, oyise engangingeke ngibabeke phakathi kwezinja ezelusa izimvu zami.


Ngokuba bonke babefuna ukusethusa, bethi: “Bazodikibala bayeke ukusebenza.” Ngakhuleka ngathi: “Nkulunkulu, qinisa izandla zami.”


Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazane ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu ngukweyiswa kwabaziqhenyayo nokwedelela kwabazidlayo.


U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.


Sibuyise, Nkulunkulu Wamabandla, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Ucabanga ukuthi ukukhuluma nje ngomlomo kungamasu namandla okulwa na? Ngubani owethembele kuye uze uhlubuke kimi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite