Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 2:17 - IsiZulu 2020

17 Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngase ngithi kubo: “Niyakubona usizi esikulo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo kanjani namasango alo ashiswa ngomlilo; wozani sakhe ugange lwaseJerusalema, ukuze singabi yisihlamba.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 2:17
23 Referans Kwoze  

“ ‘Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo ezizweni ezikuzungezile nasemehlweni abo bonke abadlulayo.


Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”


Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.


Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo.


UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngizosenza nani isivumelwano ngokuba nonke nikhiphe amehlo enu akwesokudla, lokho ngiyakukubeka kube yihlazo kuwo wonke u-Israyeli.”


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Akukho namunye ezikhulwini owayazi ukuthi bengiyephi nokuthi ngangenzani. Ngangingakabatsheli abaJuda, abaphristi, abaholi, izikhulu nabanye ababezokwenza umsebenzi.


ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.


Ngokuba siseyizigqila, uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kodwa usenzele ububele bakhe phambi kwamakhosi asePheresiya; asinika impilo entsha ukuze sakhe kabusha indlu kaNkulunkulu wethu, sakhe kabusha obekuyincithakalo, wasenzela ugange kwaJuda naseJerusalema.


Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu.


Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho.


“Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho, ngalolo lusuku umngcele wakho uyakunwetshwa ube kude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite