Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:3 - IsiZulu 2020

3 Kwathi abantu sebekuzwile okushiwo ngumthetho, babaxosha bonke abantu ababenokhokho abaxubileyo, bashiya abakwa-Israyeli boqobo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho bezwa umthetho, bahlukanisa yonke ingxubevange yakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:3
12 Referans Kwoze  

Abozalo luka-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, bama, bavuma izono zabo nobubi obenziwa ngokhokho babo.


Ingxubevange yabantu yahamba nabo, imfuyo eningi kakhulu, imihlambi yezimbuzi, izimvu, nezinkomo.


Abanye abangagagulwanga ngamagama, abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, nabo bonke ababezehlukanisile nabezizwe, bazihlanganisa nomthetho kaNkulunkulu, nomkabo nabantwana babo, bonke ababenolwazi nokuqonda,


Ingxubevange eyayiphakathi kwabantu bakwa-Israyeli yaqala ukulangazelela izinto zaseGibhithe nabantu bakwa-Israyeli babuye bakhala, bathi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?


Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.


Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho.


Ngakho-ke vumani izono zenu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nenze intando yakhe; zehlukaniseni kubantu bezwe nakubafazi bezizwe.”


Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite