Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:25 - IsiZulu 2020

25 Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngase ngilwa nabo, ngabaqalekisa, ngabashaya abanye, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: ‘Aniyikuwanika amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu namadodakazi abo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:25
21 Referans Kwoze  

Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?


U-Ezra wasukuma, wafungisa abaholi babaphristi, abaLevi no-Israyeli wonkana ukuthi bayokwenza njengoba eshilo. Bafunga-ke.


Ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe,


Ngabathethisa abaholi, ngathi kubo: “Yini eyenze ukuba nilahle indlu kaNkulunkulu na?” Ngawaqoqa lawo madoda, ngawabuyisela emsebenzini wawo ayewenza endlini kaNkulunkulu.


Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Ngase ngithintitha umphetho wengubo yami, ngathi: “Sengathi uNkulunkulu angamvuthulula kanjalo noma ngubani ongeyukusigcina lesi sivumelwano; endlini nasempahleni, angamshiyeli lutho.” Yonke inhlangano yaphendula yathi: “Amen!” Yadumisa uSimakade. Yenza njengoba yayethembisile.


Bonke abangawulaleli umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi, kumele bajeziswe ngokubafaneleyo, kungaba ngokufa noma ngokudingiswa, noma ngokudlelwa impahla noma ngokuboshwa.”


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


“Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,


Waphenduka, wababona, wabaqalekisa egameni likaSimakade, kwase kuphuma ehlathini amabhere ezinsikazi amabili abadwengula labo bafana ababengama-42.


Ingxenye yezingane zabo yayikhuluma ulimi lwase-Ashidodi kuphela, ingaluzwa ulimi lwakubo.


Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho.


Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa izikhalo zabo namazwi abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite