Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:2 - IsiZulu 2020

2 ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba abahlangabezanga abakwa-Israyeli ngesinkwa namanzi, kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba abahlangabezanga abantwana bakwa-Israyeli ngesinkwa nangamanzi, kepha babaqasha uBileyamu ukuba abaqalekise; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:2
12 Referans Kwoze  

Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


Mabaqalekise, kodwa Wena ubusise, lapho bevuka, mabathelwe ngehlazo, kodwa inceku yakho ithokoze.


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “Sukuma Bhalaki, ubeke indlebe; ungilalele, wena ndodana kaZiphori.


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade.


Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite