Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:18 - IsiZulu 2020

18 Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Babengenjalo oyihlo, uNkulunkulu wethu akehliselanga yini bonke lobu bubi phezu kwethu naphezu kwalo muzi? nokho nenezela ulaka phezu kuka-Israyeli ngokungcolisa isabatha.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:18
16 Referans Kwoze  

Bayakukuhlubula izingubo zakho, bakuqhwage imvunulo yakho ohlobe ngayo.


Nokho akabuyekanga ubufebe bakhe ayebuqale eGibhithe, ngokuba balala naye kusukela ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathululela kuye ubufebe babo.


Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo; izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


“Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


“ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


Konke lokhu kungenxa yokuba nashisa impepho ngaleyo ndlela, nona kuSimakade, anililalelanga izwi lakhe, anihambanga ngomthetho wakhe, ngezimiso zakhe, nangezexwayiso zakhe, ngakho-ke le nhlekelele inehlele kuze kube yinamuhla.”


USimakade wathi kuMose:


“Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite