Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:17 - IsiZulu 2020

17 Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:17
14 Referans Kwoze  

Ngabathethisa abaholi, ngathi kubo: “Yini eyenze ukuba nilahle indlu kaNkulunkulu na?” Ngawaqoqa lawo madoda, ngawabuyisela emsebenzini wawo ayewenza endlini kaNkulunkulu.


Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Ake nizwe nina zinhloko zendlu kaJakobe, nani babusi bendlu ka-Israyeli, enenyanya ubulungiswa niphambanise konke okulungileyo;


Ngathi: “Ake nizwe nina zinhloko zakwaJakobe, nani baholi bendlu ka-Israyeli. Akunina yini okufanele nazi ubulungiswa na?


Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”


Ngizakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaSimakade nesimiso sikaNkulunkulu wabo,” nokho nabo balephulile ijoka ngokufanayo, bazigqabula izibopho.


Lalelani izwi likaSimakade, nina babusi baseSodoma. Nibeke indlebe esifundisweni sikaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora.


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.


Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha.


“ ‘Awuyukumzonda umfowenu enhliziyweni yakho. Uyomkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kodwa ungabi nasono ngaye.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite