Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:14 - IsiZulu 2020

14 Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ngalokho, ungasusi izenzo zami ezinhle engizenzile endlini kaNkulunkulu wami nasezimisweni zayo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:14
14 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


Ngayala abaLevi ukuba bazingcwelise, kube yibo abaqapha emasangweni ebusuku ukuze kugcinwe usuku lweSabatha lungcwele. Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.


Noma yini enye edingekayo endlini kaNkulunkulu wakho okufanele niyihlinzeke ngokwenu, ithatheni engcebeni yenkosi.


Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.


Bamngcwaba emzini kaDavide namakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.


Futhi njengokuba ngiyayithanda indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyakunikela endlini kaNkulunkulu wami, phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite