Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 13:13 - IsiZulu 2020

13 Ngaqoka amanye amadoda ukuba abe ngabagcinimafa bezinqolobane: uShelemiya umphristi, uZadoki ungoti kwezomthetho noPhedaya umLevi. UHanani, indodana kaZakhuri indodana kaMathaniya, wayezoba ngumsizi wabo. Lawo madoda ngangiwethemba ukuthi ayezoba qotho lapho esehlukaniselana nabanye ayesebenza nabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngamisa abaphathi-sikhwama phezu kwengcebo: uShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, namaLevi, uPhedaya; eceleni kwabo kwakunguHanani indodana kaSakuri indodana kaMathaniya; ngokuba babebhekwa njengabathembekile, nomsebenzi wabo kwakumelwe wabelwe abafowabo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 13:13
20 Referans Kwoze  

umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi.


Nokho akuyukubuzwa midanti ngokusebenzisa kwabo imali ababeyamukele, ngokuba umsebenzi wabo babewenza ngokwethembeka.”


Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.


Qokani phakathi kwenu, bazalwane, amadoda ayisikhombisa anegama elihle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esiyakuwamisa ukuba enze lo msebenzi.


Kwathi ngalezo zinsuku, abafundi sebanda, kwaba khona ukukhononda kulabo abakhuluma isiGriki, ngamaHebheru, ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa uma kwabiwa imihla ngemihla.


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Ababengamele ukusetshenziswa kwemali lokho babekwenza ngokwethembeka; abazange bachaze kubantu ukuthi imali bayisebenzisa kanjani ukuholela abasebenzayo.


Kufanele ahlolwe kuqala andukuba abe ngamadikoni, abe ngangasolekiyo.


Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,


bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli, kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuntula kwakhe.


INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na?


namadodana athile abaphristi ephethe amacilongo: uZakhariya kaJonathani, kaShemaya, kaMathaniya, kaMikhaya, kaZakhuri, ka-Asafa


Umphathi wabaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBhani, kaHashabhiya, kaMathaniya, kaMikha wabozalo luka-Asafa, abaculi, ephethe umsebenzi wendlu kaNkulunkulu.


uZakhuri, uSherebhiya, uShebhaniya,


U-Ezra, umbhali, wayemi phezu kwebhesituli yokhuni, yenzelwe lowo msebenzi. Eceleni ngakwesokunene sakhe kwakumi uMathathiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; ngakwesokhohlo sakhe kunguPhedaya, uMishayeli, uMalikhija, uHashumi, uHashibhadana, uZekhariya noMeshulami.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguHananiya, indodana kaShelemiya noHanuni, indodana kaZalafi yesithupha. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMeshulamu, indodana kaBherekhiya, ngoba yayiphambi komuzi wakhe.


Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo.


Imali yeminikelo yamacala neyeminikelo yezono, yayingeniswa endlini kaSimakade ngokuba yayingeyabaphristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite