Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 12:44 - IsiZulu 2020

44 Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 12:44
17 Referans Kwoze  

Uma kungesokukhonza, kube sekukhonzeni; esokufundisa, kube sekufundiseni;


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.


Umsebenzi wabo kwakungukusiza abozalo luka-Aroni emsebenzini wendlu kaSimakade, emagcekeni, emakamelweni, ukuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nokwenza umsebenzi wokukhonza endlini kaNkulunkulu,


Abalindi abane abakhulu ababengabaLevi babesesikhundleni njalo, bengamele amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.


Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”


KubaLevi, u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


Siyoletha kubaphristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu, amazibulo amadodana ethu, awemfuyo yethu, njengoba kulotshiwe emthethweni, amazibulo emihlambi yethu, nawezimvu zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite