Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 12:39 - IsiZulu 2020

39 nangenhla kweSango Lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, eSangweni Lenhlanzi, eMbhoshongweni KaHananeli, eMbhoshongweni KaHameya, naseMbhoshongweni Wekhulu, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Lejele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 nangenhla kweSango lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongweni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 naphezu kweSango lakwa-Efrayimi, naphezu kweSango Elidala, naphezu kweSango Lezinhlanzi, naphezu kombhoshongo kaHananeli, naseMbhoshongweni waseMehagi, kuze kube seSangweni Lezimvu; bema esangweni letilongo.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 12:39
12 Referans Kwoze  

Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.


Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi.


ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.


ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.


UPhalali, indodana ka-Uzayi, wakha ingxenye elandelayo, kusukela ejikeni logange nombhoshongo wesigodlo esasingenhla eduze negceke labaqaphi. Emva kwakhe, uPhedayi, indodana kaPharoshi


UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBhethi Shemeshi. UJehowashi weza eJerusalema, wabhidliza ugange lwakhona kusukela esangweni kwa-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi; kwaba yisikhala esingamakhubhithi angama-400.


Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.


“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube khona ukukhala kalusizi, kuvela eSangweni Lezinhlanzi, nokulila, kuvela eNgxenyeni Yesibili, nokuphihlika okukhulu, kuvela emagqumeni.


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.


Zase zima endlini kaNkulunkulu lezo zigaba zombili zababongayo, nami nezikhulu engangihamba nazo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite