Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 11:3 - IsiZulu 2020

3 Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini,* nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lezi ziyizinduna zesifunda ezahlala eJerusalema, kepha emizini yakwaJuda kwahlala, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe emizini yabo, u-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 11:3
14 Referans Kwoze  

Abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, abanye abantu no-Israyeli wonke bahlala emizini yakubo. Ngenyanga yesikhombisa, abantu base bezinzile emizini yakubo.


Izisebenzi zasethempelini yilezi: abozalo lukaZiha, lukaHasufa, lukaThabhawothi,


Nampa abantu bezwe abakhuphuka ekuthunjweni ababethunjwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ababuyela eJerusalema nakwaJuda, yilowo nalowo waya emzini wakubo,


Abakwa-Israyeli abaseleyo, abaphristi nabaLevi, babekuyo yonke imizi yakwaJuda, yilowo endaweni eyifa lakhe.


Laba ngabantu besifundazwe ababebuye ekuthunjweni nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, bebuyela eJerusalema nakwaJuda. Yilowo nalowo wabuyela emzini wakubo;


Abaphristi, abaLevi, abanye abantu, abahlabeleli, abalindisango nabantu ababesebenza ethempelini bahlala emizini yakubo. Wonke u-Israyeli wahlala emizini yakubo.


EJerusalema kwakuhlala abathile bakwaJuda nabakwaBhenjamini: ozalweni lukaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakhariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wozalo lukaPherezi;


bebuya noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, u-Azariya, uRahamiya, uNahamani, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisipherethi, uBhigivayi, uNehumi noBhahana. Inani labantu bakwa-Israyeli yileli:


Abaphristi: abozalo lukaJedaya, ozalweni lukaJeshuwa, bengama-973,


AbaLevi: abozalo lukaJeshuwa, ozalweni lukaKhadimiyeli, emndenini kaHodaviya, babengama-74.


Izisebenzi zasethempelini yilezi: abozalo lukaZiha, lukaHashufa, lukaThabhawothi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite