Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 10:34 - IsiZulu 2020

34 “Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Senza inkatho phakathi kwabapristi namaLevi nabantu ngeminikelo yokhuni ukuba bayingenise endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka, ukushisa i-altare kaJehova uNkulunkulu wethu, njengokulotshiweyo emthethweni.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 10:34
16 Referans Kwoze  

Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


ILebhanoni alanele ukushisa, nezilwane ezikulo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.


Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.


Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.


Unkatho lokuqala lwadla uJehoyaribi, olwesibili uJedaya,


Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.


Kodwa kusukela ngalolo lusuku uJoshuwa wabenza abathezi bezinkuni nabakhela ibandla lonke ne-althare likaSimakade amanzi. Lona ngumsebenzi abasaqhubeka ukuwenza nanamhlanje endaweni aziqokele yona uNkulunkulu.


Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.


“Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini.


Uyowabeka abe yimigqa emibili, abe yisithupha kulowo nalowo mugqa etafuleni elicwengekileyo, phambi kukaSimakade.


“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi.


Emveni kwalokho baletha iminikelo yokushiswa ejwayelekile, eyokwethwasa kwenyanga, eyayo yonke imikhosi emisiweyo kaSimakade neminikelo yesihle eyayinikelwa ngabantu kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite