Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:9 - IsiZulu 2020

9 kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kepha uma nibuyela kimi, nigcine imiyalo yami, niyenze, noma abaxoshiweyo benu bebe semajukujukwini ezulu, ngiyakubabutha lapho nokho, ngibayise endaweni engiyikhethe ukubeka igama lami kuyo.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa uma niphenduka kimi futhi nigcina imiyalelo yami futhi niyenze; noma babekhona abanye kini abaxoshwa kwaze kwaba sekugcineni kwezulu, nokho ngiyakubabutha lapho, ngibayise endaweni engiyikhethile ukuba ngimise igama lami khona.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:9
28 Referans Kwoze  

bheka, ngiyakubaqoqa emazweni wonke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo, ngokufutheka, nangolaka lwami olukhulu; ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile;


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”


USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.


UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


“Nina zizwe, yizwani izwi likaSimakade, nilimemezele eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owahlakaza u-Israyeli uzokumqoqa, amlondoloze njengomelusi elusa umhlambi wakhe.’


Iyophakamisela abezizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Sisindise, Simakade Nkulunkulu wethu, siqoqe kwabezizwe ukuze silidumise igama lakho elingcwele, sikudumise ngentokozo.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


“Buyani, bantu abahlubukayo,” kusho uSimakade. “Ngokuba ngiyiNkosi yenu, ngizothatha abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eZiyoni.


Yishoni nithi: “Sisindise Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usihlenge kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sithokoze ekukudumiseni.”


Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu.


uma bephendukela kuwe ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni lezitha zabo ezibathumbileyo, bakhuleke kuwe bebheke ezweni lakubo owalinika okhokho babo, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle.


Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


“Ngakho-ke yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Phendukani! Nilahle izithombe zenu, nizifulathele zonke izinengiso.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcina imiyalo yami, niyenze,


“Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Niyabona-ke, ngiyakusindisa abantu bami empumalanga nasentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite