Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNehemiya 1:7 - IsiZulu 2020

7 Senze ububi kuwe, asaze sayigcina imithetho, izimiso, nemiyalo owakunika uMose, inceku yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Senzile kabi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose.

Gade chapit la Kopi




UNehemiya 1:7
24 Referans Kwoze  

Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaSimakade uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.


Kepha akababulalanga abantwana bazo, kodwa wenza njengokulotshiweyo emthethweni, encwadini kaMose njengokuyala kukaSimakade, ethi: “Oyise abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yoyise, kodwa yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”


Gcina isiyalezo akuyala ngaso uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Gcina izimiso zakhe, imithetho yakhe, imiyalo yakhe nobufakazi bakhe, njengalokhu kubhalwe emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke oyokwenza nakulokho oyophendukela kukho.


“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami,


ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite