Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 3:6 - IsiZulu 2020

6 Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho, ngikuhlazise, ngikubeke ube yinto ebukwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngiyakuphonsa phezu kwakho okunengekayo, ngikwenze inhlekisa, ngikubeke njengehlombe.

Gade chapit la Kopi




UNahume 3:6
19 Referans Kwoze  

“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


nokho uyakungicwilisa emgodini, nginengwe yizingubo zami.


Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo.


Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu.


Kepha uSimakade uyalezile ngawe ukuthi akusayukuphinde kutshalwe egameni lakho, endlini yonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo, ngiyakwenza ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.


bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Yiwo lo muzi owawujabulile, uhlala uvikelekile, uthi enhliziyweni yawo: “Yimina, mina ngedwa, akekho omunye!” Maye, ngokuphenduka kwawo ube yincithakalo nendawo yokubuthisa izilwane! Bonke abadlula ngakuwo bayanximfa, banikine amakhanda.


Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane.


Ungiphonse odakeni, sengifana nothuli nomlotha.


ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.


Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.


Niyabona-ke, ngiyakusola isizukulwane senu, ngithele umswane ebusweni benu, umswane wemikhosi yenu, niyiswe kude kanye nawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite