Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNahume 3:19 - IsiZulu 2020

19 Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho; umvimbo wakho unzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe, ngokuba ngubani ububi bakho obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Akukho ukuphulukiswa emivimbo yakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa izithelo zakho bayakushaya izandla phezu kwakho; ngoba ngubani ububi bakho obungafikelanga njalo?

Gade chapit la Kopi




UNahume 3:19
20 Referans Kwoze  

Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


Bonke abedlula ngakuwe, bashaya izandla, bethi: “Ashila!” Bayakunximfela, benikina amakhanda, ndodakazi Jerusalema, bathi: “Ngabe yiwo yini lo muzi ababewubiza ngokuthi ungubuhle obupheleleyo, nentokozo yomhlaba wonke na?”


Abantu bayoshaya izandla, bamklibhizele, bamnximfele, esendaweni yakhe.”


“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.


“Kuyiqiniso, Simakade, ukuthi amakhosi ase-Asiriya azibhubhisile izizwe zonke namazwe azo,


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


afeba naso amakhosi omhlaba; nabakhileyo emhlabeni badakwa yiwayini lobufebe baso.”


Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,


Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka.


“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola, nesilonda sakho sibi.


Uzwile ukuthi amakhosi ase-Asiriya enzeni kuwo wonke amazwe ewabhubhisa; pho wena ucabanga ukuthi uyosinda kanjani na?


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite